Owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane usephefumulile ngokushiya kukaRulani Mokwena kuleli qembu, uthi akaneme neze.

Izindaba zokuhlukana kweDowns noMokwena zishaqe abaningi ngesonto eledlule kwazise lo mqeqeshi usabalwa nabaphambili e-Africa futhi udlalisa ibhola elihle. ISundowns ithe bavumelene nokuhlukana noMokwena kodwa lo mqeqeshi ngakusasa waveza ukuthi kufana nokuthi uxoshiwe ngoba waphoqwa ukuthi avume ukuhlukana naleli qembu.

“Angijabule ngokudedelwa kwakhe kwiSundowns. Angijabule neze. Angizenzisi…ngiyamzwela. ISundowns yiqembu elikhulu, bazozibona. ISundowns ayimisiwe wuPitso noma uRulani, abaqeqeshi bayafika bahambe…” kusho uPitso ofike kwiSundowns ngo-2012, wadla inqwaba yezicoco nayo.

“ISundowns isibe nabaqeqeshi abasuka kwiReal Madrid. Iye kwiBarcelona yalanda uHristo Stoichkov…Ilande uHenri Michel waseFrance. Izinkakha ebholeni…kodwa akungixakanga lokho. Sifike sahlanganisa iSundowns, yaphumelela.”

“Ngiphatheka kabi uma ngalento eyenzeke kuRulani ngoba ngiyamazi. Nilubonile uhambo lwami naye. Bengizishaya isifuba ukuthi phakathi kwezinto engazenza kwiSundowns ngaletha uManqoba noRulani ukuthi bezongisiza sakhe iqembu elingcono elizokwazi ukudlala e-Africa. Umbono enganginawo lo futhi singasho sonke ukuthi sakuzuza lokho. Kumele sibonge abantu ababekhona sikwenza lokho ng0oba angikwenzanga ngedwa.”