Umqeqeshi weChippa United uThabo September ubona ezoba wusizo olukhulu kubadlali abasebancane u-Andile Jali osanda kusayiniswa yiqembu.

UJali (34) ubesehlale izinyanga eziyisithupha engabonakali kulandela ukushiya kwakhe kwiMoroka Swallows eyayigqilazwa yizinkinga zezimali ngoDisemba wango-2023.

IChilli Boys yadedela abadlali abangu-16 emasontweni adlule, iningi labo elinesipiliyoni sokudlala kuPSL. 

USeptember ukholwa ukuthi uJali uzokwazi ukubakhombisa indlela abadlali abasebancane njengoba kubunjwa kabusha iqembu.

“U-Andile ubecabanga ukuwabeka emgibeni amakhokho kodwa sikwazile ukumshintsha umqondo. UJali ungumdlali onekhono eliyisimanga. Uzokwenza umehluko omkhulu eqenjini, yingakho siqoke ukumsayinisa. 

“Asilindele ukuthi ayiqede yonke imidlalo kulesizini, sizoqinisekisa ukuthi siyamnakekela,” kubeka uSeptember ekhuluma nabezindaba sekuphele umcimbi wokuthweswa kwabaqeqeshi ngeziqu zeCAF B Licence.

USeptember uthi ukubuya kukaJali esifundazweni azalelwa kuso kuzogcwalisa abalandeli emidlalweni yasekhaya.

“Ngibona ezokwenza umehluko omkhulu ngoba sinenqwaba yabadlali abasebancane esizobasebenzisa kulesizini. UJali uzobakhombisa indlela.

“Uzobamba iqhaza elikhulu kulesizini, ungowokuzalwa khona e-Eastern Cape (Matatiele). Lokho kuzosiza ngokusondeza inqwaba yabalandeli enkundleni. Uzodlala indima enkulu eqenjini,” kubeka uSeptember.