Umdlali weManchester United uHarry Maguire, usezwakalise ukuphoxeka ngokuphucwa ibhande likakapteni kuleli qembu.

UMaguire, owanikezwa ibhande kwisizini yakhe yokuqala kwi-United ngesikhathi isaqeqeshwa wu-Ole Gunna Solskjær

“Umqeqeshi namhlanje (izolo) ungazise ukuthi uzoshintsha ukapteni. Ungachazelile izizathu zakhe, ngiphoxekile kakhulu kodwa ngizoqhubeka ngidlale ngokuzinikela njalo uma ngithole ithuba.

“Bengifisa ukubonga kakhulu kubalandeli beManchester ngokungeseka ngendlela emangalisayo ngesikhathi ngisawukapteni.”

Lo mdlali uthe uyohlale embonga njalo uSolskjaer, wathi umfisela inhlanhla ozonikezwa ibhande futhi uzomeseka.

Khonamanjalo, ngokwemibiko evela e-UK, i-United imfake endalini uMaguire kodwa usanesifiso sokuhlala alwele indawo yakhe eCarrington.