Umengameli waMaZulu, uSandile Zungu, usemfisele okuhle kodwa owayengumqeqeshi woSuthu, uBenni McCarthy emsebenzini wakhe omusha kwiManchester United kodwa abazisoli ngokumxosha.

UZungu ukhombe uMcCarthy indlela kuMaZulu ngesizini edlule kulandela ukungagculiseki ngemiphumela yakhe kwiDStv Premiership nakwiCAF Champions League.

“Simjabulele kakhulu uMcCarthy ngomsebenzi omkhulu awutholile. Ukuqashwa yiManchester United akuyona into encane. Umsebenzi wakhe uzobonakala, futhi uzokhula. Siyaziqhenya ngaye fuithi simfisela okuhle kodwa,” kusho uZungu engxoxweni ne-KickOff.

“Sabona izinga lakhe lokuqeqesha, yikho samqasha njengomqeqeshi, ngesikhathi esakhona wazuza okuningi neqembu. Kodwa kwadingeka ukuthi sithathe isinqumo ngaphansi kwesimo esasikuso, uma singaphinde sibhekane naso futhi nangomusa, siyothatha isinqumo esifanayo.

“UBenni kuningi asezizuzele khona, neNingizimu Afrika. Kumele sizishaye isifuba ngaye. Kodwa ngizophinde ngisho futhi ukuthi ngaphansi kwesimo esasikuso (ngesikhathi exoshwa) singaphinde sithathe isinqumo esifanayo. Siyiqembu elisebenza ngemiphumela enkundleni. Kodwa asingagxili kulokho manje, njengamanje kumele abungazwe. Siyambongela kuMaZulu, bazofunda okuningi kuye abadlali azobe ebaqeqesha”