Umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, uthi akumphathanga kahle ukuthola ukuthi uyashiya ekupheleni kwesini uThatayaone Ditlhokwe.

Ngesonto eledlule iKaizer Chiefs imemezele ukuthi isinesivumelwano sokusayinisa lo mdlali waseBotswana uma kuphela isizini ka-2022/2023. UDitlhokwe, odlala emuva, uyingxenye ebalulekile kwizinhlelo zikaHunt kwiSuperSport njengoba esedlale imidlalo ewu-14 kule sizini.

“Ngiphatheke kabi ngokuhamba kukaTT, akumele ngabe kuyenzeka. Ngiyazi obekumele kwenzeke…kuyaphoxa kakhulu ngoba silahlekelwa wumdlali osaneminyaka ewu-24, usazoba nzima uma eseneminyaka ewu-30 ngoba izitobha zidlala kangcono ngokuhamba kweminyaka.

“Izinga lakhe likhuphukile selokhe ngifikile, unamagoli amathathu kule sizini okuyinto abesebenza phezu kwayo… Kuyaphoxa ukuhamba kwakhe kodwa angingeni kwizingxoxo ezithinta ukudayiswa kwabadlali,” kusho uHunt ngemuva komdlalo wabo neRichards Bay FC ophele ngo 1-1.

UHunt uphinde waqinisekisa ukuthi iSuperSport isisayinise umgadli waseSenegal uMamour Niang.