Umqeqeshe weStellenbosch FC, uSteve Barker uthi kubalimazile ukudayisa abadlali ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/2023.

Lehlile izinga leStellies kule sizini nakuba iqale isizini ithwelwe ngeqoma kuthiwa izoba yingozi abanye beyibala embangweni wesicoco seligi.

IStellies idayise inqwaba yabadlali esingabala kubo uZitha Kwinika, Ashley Du Preez, nobengukapteni weqembu uRafiq De Goede.

Ekhuluma ngemuva kokuvithizwa yi-Orlando Pirates ngo 4-1 e-Orlando Stadium, uBarker uveze ukuthi kubehlisele izinga ukudayisa abadlali kodwa akanavalo ngesikhundla sakhe ngakho isimo abakuso ngeke simtatazelise.

“Senze kahle kakhulu ngesizini edlule siqeda isizini sikunombolo 4, kwasala kancane ukuthi singene kumqhudelwano weCAF. Kodwa ke bese kuyisiphetho sohlelo lweminyaka emithathu ebesisebenza phezu kwalo,” kuchaza uBarker.

“Sikwenze ngamabomu ukudedela abadlali asebenamava. Ngeshwa kulabo badlali kuhambe u-Ashley Du Preez noZitha Kwinika abebeyinsika yeqembu.”

Uthe uyazi okufanele akwenze ukukhipha iqembu ezembeni njengoba bekunombolo 15 kwi-log yeDStv Premiership.

NgoLwesihlanu iStellies izobhekana neCape Town City ngo-19:30.