Owayengumdlali weBidvest Wits ne-Orlando Pirates, uDaine Klate, uthi abantu abayeke ukukhomba iMamelodi Sundowns ngokuboza kwamanye amaqembu agijima kwiDStv Premiership.

UKlate ubeke lo mbono ekhasini lakhe kuTwitter namhlanje ekuseni kulandela ivideo kaJabu ‘Pule’ Mahlangu osole iSundowns ngokugqilaza amanye amaqembu ngokuthenga abadlali abasezingeni eliphezulu bese ibakhuhlisa ibhentshi.

“Ngicabanga ukuthi kuwumsebenzi wamanye amaqembu ukuzibeka ezingeni leSundowns. Uma behluleka ayiqhubeke iSundowns izinqobele izicoco. Uhlelo abasebenza ngalo luthathe isikhathi eside! Ngibashayela ihlombe ngomali abayitshalile futhi nempumelelo yabo ibafanele!” kubhala uKlate.

UKlate uqhube wabuza ukuthi kungani amanye amaqembu azofinyelela kanjani ezingeni leSundowns enganazo izindawo zokujimisa abadlali.