Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt uthi angeke akugxilise emqondweni wakhe ukubuyela embangweni weligi njengoba sebenciphise igebe ngamaphuzu amabili kwiMamelodi Sundowns ehleli esicongweni.
AmaTsatsantsa aPitori abuye ngamandla eshaya iTS Galaxy ngo 3-2 kwiDSTV Premiership eMbombela Stadium ngoLwesithathu.
ISuperSport iqhubeke lapho egcine khona kwazise ishaye iRoyal AM emdlalweni weligi odlule.
“Kufanele siwujabulele umphumela ngoba siwuthole ekuhambeni. Asidlalanga ngendlela ebengiyihlelile ngoba singenelwe amagoli alula. Ngikhala kakhulu nangezinqumo zikanompempe. Unompempe uhlulekile ukulawula umdlalo. Okubalulekile ukuthi siwinile,” kuchaza uHunt.
UHunt uthi ukusondela kwiSundowns akusiyo into ehleli emqondweni wakhe, kunalokho ucabanga ngokuqina kwesikwati njengoba imidlalo isondelene eduze.
ISuperSport izobhekana nePolokwane City ,kulandele iSekhukhune United emidlalweni yeligi ngaphambi kokufika kwekhefu leFIFA.
“Angikhathazekile ngokushiywa yiSundowns ngamaphuzu amabili. Kufanele sizame ukusebenzisa okukhona. Sishoda ngabadlali, kulimele abathathu abasemuva kwesokunxele.
“Ngifake uLakay esikimini ngemuva kokumbeka ngaphandle emidlalweni emibili edlule. Udlale kahle, wakwazi nokukhombisa ubungozi uma enikezwe ithuba lokukhahlela.
“Ngizomphumuza uGrobler, angeke ajime kuleli sonto. Sizodlala ekuhambeni imidlalo emine ilandelana ngoba kusadingeka sihambele eGibhithe. Ngizokhathazeka ngalokho uma sekufike isonto elizayo,” kuchaza uHunt ekhuluma nabezindaba eMbombela Stadium.