Umqeqeshi we-Al Ahly uMarcel Koller uvikele abadlali bakhe bekhishwa yiMamelodi Sundowns kwi-African Football League (AFL) ngoLwesithathu.
UKoller uveze ukuthi ngisho neqembu elikhulu angeke linqobe yonke imidlalo. I-Ahly ihluleke esibayeni sayo eCairo igqugquzelwa abalandeli abangu-50,000.
Ekhuluma nabezindaba eCairo International Stadium, uKoller ubeke kanje:
Sekuphele umdlalo, uKoller uthe ukuhlulwa kuyingxenye yebhola. Uthi abadlali bakhe bakwenze konke enkundleni.
“Angeke siwine yonke imidlalo, ukuhlulwa kuyingxenye yebhola. ICAF Super Cup idlalwe ngesikhathi sisaqala amalungiselelo esizini. Abasihlulanga emdlalweni ngoba sageja iphenathi. Sihlulwe ukusebenzisa amathuba esiwakhandile, sageja nephenathi.
“Kuyenzeka izinto zingavumi. Sihlulwe emlenzeni wokuqala ngegoli elilodwa, bekufanele siwine kodwa kwanqaba.
“Ngizobavikela abadlali ngoba banamaphutha, angeke begculise njalo uma bedlala. Kuyenzeka umdlalo ungavumi. Abadlali bazinikelile namuhla, kusale ukuthi sishaye igoli. Kuzokwenzeka ukuthi sihlulwe emidlalweni,” kuchaza uKoller.