Isikhulu seSuperSport United, uStanley Matthews, sesiveze ukuthi bengathanda ukubagcina bonke abadlali abababoleke kwamanye amaqembu agijima kwiDStv Premiership.

Kubadlali abasemabhukwini amanye amaqembbu abagijima kuMatsatsantsa kubalwa uGrant Margaman (Mamelodi Sundowns), Siphesihle Ndlovu (Orlando Pirates), Thabang Sibanyoni (Mamelodi Sundowns) Ricardo Goss (Mamelodi Sundowns) noZakhele Lepasa (Orlando Pirates).

Engxoxweni neSowetan, uMatthews uphumele obala ngesifiso sokugcina uMargerman, Ndlovu noSibanyoni. Kubukeka sengathi bazohlela ukumsayinisa ngokugcwele uGoss, noma engazivezanga izinhlelo zabo ngalo mdlali osanda kubuyela kwiBafana Bafana ngenxa yendlela adlala ngayo kwiSuperSport.

“Sinethuba lokwelula inkontileka kaMargarman okuyinto esizoyenza, ngokunjalo nakuNdlovu sizozama ukumgcina. Singathanda ukubagcina bonke abadlali esibabolekile, futhi sizokwenza konke okusemandleni ukubagcina.

“ULepasa nokho asikhulumanga nePirates ngokumgcina. Ngacela ukumboleka isikhashana ngoba ngabona sengathi siyashoda kancane phambili.