Umdlali weMinnesota United e-United States, uBongokuhle Hlongwane usegcine ephufumulile ngokungangeni esikwatini seBafana Bafana kumqhudelwano we-Africa Cup of Nations ebingoFebruary.
Kwathuka abaningi bengaliboni igama likaHlongwane esikwatini ekubeni ubedlala ingcwenga yebhola kwiMLS futhi wayeyingxenye yabadlali abasiza iBafana ingene kulo mqhudelwano.
“Ngeke ngithi angiphathekile kahle emoyeni, ibhola linjalo,” kusho lo mdlali engxoxweni neFARPost.
“Kwesinye isikhathi kufanele uzilindele lezi zinto empilweni. Lokho kodwa akusho ukuthi kufanele uyeke ukuzikhandla nokugxila emsebenzini wakho ngoba impilo injalo. Ngeke kuhlale kumnandi futhi ezinye izinto ngeke zize kalula. Kumele ulindele nokubi.
“Ngaphoxeka, kodwa kulungile, sekwenza kwadlula, ngeke ngikwazi ukukushintsha lokho.”
BONGI DOUBLES THE LEAD
— Major League Soccer (@MLS) August 9, 2023
That's 7 goals for Bongokuhle Hlongwane in #LeaguesCup2023, tying Lionel Messi. pic.twitter.com/KTKHWk8uer
UHlongwane ngesizini edlule uvalele amagoli awu-8 emdlalweni ewu-30 kwi-MLS. Kule sizini ubukeka ezoqhubeka la agcine khona njengoba eseshaye amabili emdlalweni emibili.