Umqeqeshi weBayer Leverkusen uXabi Alonso umemezele ukuthi usazohlala kuleli qembu ngakho uyawubonga umsebenzi kwiLiverpool nakwiBayern Munich abebezama ukumsayinisa.
U-Alonso uveze lokhu kwabezindaba izolo ngaphambi komdlalo weLeverkusen neHoffenheim ongo-16:30 ntambama. Ezakhe ziqhwakele etafulen leBundesliga, zishiya iBayern ngamaphuzu awu-10.
“Angisingabazi nakancane isinqumo sami [sokuhlala kwiLeverkusen]. Ngike ngacabanga ngalento ngesikhathi sekhefu leFIFA,” kusho u-Alonso ngoLwesihlanu.
“Ngikhulume nabadlali bangipha izizathu zokuthi ngiqhubeke nokukholelwa kubo, nokuzinikela kwabo. Umsebenzi wami awukapheli la. Kungaba yiphutha ukukhuluma namanye amaqembu,”
IBayern idinga umqeqeshi omusha njengoba ehamba uThomas Tuchel uma kuphela isizini, neLiverpool ngakolunye uhlangothi ibhekene nenkinga efanayo. UJurgen Klopp, ozoshiya uma kuphela isizini kwiLiverpool, uthe uyasiqonda isinqumo sika-Alonso ngoba naye esaqala ukuqeqesha wahlala kwiMainz efunwa yinqwaba yamaqembu amakhulu.