Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uncome abadlali bakhe ngendlela abadlale ngayo emdlalweni ophele ngo 3-3 ne-Algeria ngoLwesibili ebusuku eNelson Mandela Stadium.

I-Algeria ikore kuqala kulo mdlalo kodwa uMzansi wabuya ngamagoli amabili avalelwe wuThemba Zwane esiwombeni sokuqala. Ama-Desert Foxes abuye evutha ngemuva kwekhefu yashaya igoli lokulinganisa umdlalo, kodwa iBafana yalwa yabuyela phambili ngegoli elingqofwe wu-Iqraam Rayners ngomzuzu ka-66 ngemuva komnyakazo omuhle ka-Elias Mokwana obesuka ebhentshini.

Umdlalo ugcine uphele zibambene ngo 3-3 nokho kodwa uBroos uhambe ezishaya isifuba ngabadli beBafana.

“Sibe nomdlalo omuhle, omabili amaqembu adlale kahle kodwa iNingizimu Afrika ibingenhla, idlale kahla ngempela.”

“Besibhekene neqembu eliqinile, kodwa angicabangi ukuthi ubumkhulu umehluko phakathi kwethu ne-Algeria. Kusho ukuthi silikhuphulile izinga lethu ezinyangeni ezedlule,” kusho uBroos.