Owayengunozinti weBafana Bafana uHans Vonk usebale abadlali abathathu beKaizer Chiefs abamchazile njengoba Amakhosi ebedlala eNetherlands elungiselela isizini ka-2025/26.
IKaizer Chiefs iphinde yathola isibhaxu izolo iginqwa yiFC Twente ngo 2-1. NgoLwesibili ithole iwin yokubika ishaya iPEC Zwolle ngo 1-0. UVonk ukhulume nemedia team yaMakhosi ngemuva komdlalo obungoLwesibili.
“Uma ngicabanga nje abadlali baqale badinga ukujwayela izinkundla abadlala kuzo eHolland.” kuchaza uVonk onama-cap awu-43 kwiBafana Bafana.
“Izinkundla zangapha zithambile uma ngiqhathanisa nabazijwayele eNingizimu Afrika.
“Ibhola lihamba ngokushesha, ikakhulukazi uma ubhekene namaqembu amahle adlala kwi-Eredivisie. Yinto abadlali abadinge ukuyijwayela.
“Ngiyithandile indlela iqembu elihleleke ngayo. Ngithande ujezi nombolo 12 (Nkosingiphile Ngcobo), unombolo 74 odlala kuleft back (Nkanyiso Shinga) kanye nonombolo 5 (Sibongiseni Mthethwa).
UVonk uqhube wathi akanandaba nokudliwa kweChiefs kweminye imidlalo ngoba kusayimidlalo yokulungiselela isizini.
“Ngiyethemba iChiefs izokwazi ukubuyela ezingeni elifanele. Ngalokho ngisho ukuthi sifuna ukuyibona iqhudelana namanye amaqembu ilwela izindebe,” kuphetha yena.