Umgadli ovuthayo phambi kwepali kulezi nsuku, uBradley Grovler (35) useveze ukuthi uzimisele ngokuyeka ibhola ewumdlali weSuperSport United noma ekhona amanye amaqembu amfunayo kwiDStv Premiership.

Inkontolikeka kaGrobler iyaphela ngoJune nonyaka, kodwa uhlela ukusayina entsha maduze.

Sekuneminyaka abalandeli befisa ukumbona edlalela elinye lamaqembu aseSoweto kodwa lo mdlali namanje uthi isifiso sakhe ukuqhubeka adlalele Amatsatsantsa.

“Akhona amanye amaqembu azimisele ngokuxoxisana nami kodwa ngihlale ngikuveza ukuthi ngithanda ukuhlala kwiSuperSport futhi iyona engiyivumela ukuthi inqume kuqala ngami,” kusho uGrobler ekhuluma neSABC Sport.

“Kusele izinyanga ezimbalwa kodwa siyakhuluma ngenkontileka entsha. Nginethemba lokuthi sizophothula izingxoxo emasontweni ambalwa ezayo. Ngeke ngiphoxeke uma ngiwagaxa emgibeni ngiwumdlali weSuperSport.”

UGrobler uthi uyazi inkontileka yakhe elandelayo izoba wunyaka owodwa ngakho uzimisele nganoma yini ngoba akuvamile ukuthi umdlali ongangaye anikezwe inkontileka yeminyaka engaphezulu kowodwa.