Umqeqeshi weLiverpool ugculisekile ngendlela ezakhe ezidlale ngayo zishaya iWolves ngo 2-0 kowe-Premier League izolo. ILiverpool inqobe ngamagoli avalelwe wuVirgil van Dijk noMohamed Salah esiwombeni sesibili ngemuva kokugeja inqwaba kwesokuqala.
Ngalo mphumela iLiverpool ikhuphukele kunombolo 6, isele ngamaphuzu ayisithupha kwiTottenham ekunombolo 4. Ekhuluma ngemuva komdlalo uKlopp uncome indlela uDiogo Jota adlale ngayo kunombolo 10, nobungozi bukaDarwin Nunez ohlangothini.
Uthe ukunqoba lo mdlalo kuzobasiza ngaphambi kokubhekana neMan United ngeSonto e-Anfield.
“Ngicabanga ukuthi iMan United ilona qembu elisefomini njengamanje bene-Arsenal neMan City. Amaqembu aphezulu adlala kahle njengamanje. Nginesiqiniseko sokuthi i-United yenze izinguquko namhlanje (izolo) emdlalweni weFA Cup, ngakho kunabadlali bayo abathole ithuba lokuphumula phakathi nesonto…kodwa ke umdlalo ose-Anfield.
“Namhlanje le nkundla iphinde yakhombisa ukuthi siyingozi kanjani ekhaya futhi isihlanganisile. Sizobe sidinga umoya ofanayo nangeSonto.”