Owayengumdlali we-Al Ahly, uHosny Adel Abdel Rahman uthi iMamelodi Sundowns ingelinye lamaqembu ayingozi uma ehlasela kodwa ayisabisi ngenxa yokuthamba emuva.
Ngempelasonto iSundowns ibambane ne-Al Ahly ngo 2-2 kumdlalo weCaf Champions League, okuqinise indawo yayo esicongweni kuGroub B.
Abaningi bebengawuvali umlomo ngendlela iDowns edlale ngayo kodwa uRahman uthi ingashayeka.
“ISundowns ingelinye lamaqembu aphambili e-Africa uma ihlasela, kodwa ayiqinile emuva. Iyiqembu elidllala ibhola elihle kodwa elingasabisi,” kusho uRahman ekhuluma neKingFut.
URahman uveze ukuthi i-Al Ahly akuyihambeli kahle kwiCAF ngenxa yenqwaba yemidlalo esiyidlalile kule sizini. Noma kuyibhedela kwi-CAF, kwi-Egyptian Premier League ihamba phambili ngamaphuzu amathathu, ayikadliwa emdlalweni ewu-17.