Umgadli weManchester United uMason Greenwood usegcine ebekwe icala lokuzama ukudlwengula, elokushaya kanye nelokulawula ngempoqo owesifazane osemncane ngokweminyaka. UGreenwood (21) ubekwe icala kulandela ukwephula imithetho yebheyili njengoba ebengaphandle kwezitokisi kusaphenywa amacala abesolwa ngawo.

Lo mgadli uboshwe ngoJanuary nonyaka esolwa ngecala lokudlwengula kulandela ukusabalala kwe-voice recording azwakala kuyo elwa nowayeyintombi yakhe efuna ucansi ngo dli.

Udedelwe ngebheyile amaphoyisa ase-UK esaqhubeka nophenyo. Kule mpelasonto edlule kvele ukuthi wephule imgomo yebheyili ngokuxhumana nommangali kuleli cala, okuphuthumise ukubekwa kwakhe ngecala.

UGreenwood uzovela enkantolo kusasa.