Umqeqeshi weChippa United uMorgan Mammila uncome abadlali bakhe ngokulandela amaqhinga akhe emdlalweni abashaye kuwo iKaizer Chiefs ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.
IChilli Boys ijikele AmaKhosi njengotshwala esiswini esiwombeni sesibili ibuya kade idliwa ngegoli elivalelwe wuSiyabonga Ngezana esiwombeni sokuqala.
Emdlalweni emithathu edlule, iChippa isiqoqe amaphuzu awu-9, okuyinto eyayigcina ngaphezu kweminyaka eyisithupha edlule.
“Empeleni kuthiwe sagcina ukuqoqa amaphuzu ngale ndlela eminyakeni ewu-8 edlule. Ngiyababongela abafana, balandele amaqhinga bangasuka kuwo,” kusho uMammila ngemuva komdlalo.
“Ngithe kubo sizowuphatha ngendlela yethu lo mdlalo, sikwenzile lokho. Sibonga ukwesekwa esikuthola kusihlalo, abalandeli kanye nabo bonke abantu abathanda ibhola.
“Bekunzima goba bese kuphele isikhathi esingangenyanga singadlali, besingafuni ukuncintisana kukho konke neChiefs ngoba ibizosibulala. Sibadlalise urondo ukuze bengasondeli kudonga lwethu lwasemuva, abadlali bami bakwenze kahle lokhe. Umphumela wanamhlanje uwumvuzo wezinto ebesizwenza emasontweni amathathu edlule,”