Umdlali weMamelodi Sundowns, uGrant Kekana, useveze ukuthi balindele umdlalo onzima kuBafana Bes’thende kodwa unethemba lokuthi bazoyibeka isandla.

Egcina ukuhlangana lawa maqembu umdlalo waphela ngo 1-1 ePirncess Magogo Stadium, UKekana, owayekhona kulowo mdlalo, unethemba lokuthi bazobuya namaphuzu aphelele noma i-Arrows idlala ibhola elihle.

“Sibhekene nomdlalo onzima kwi-Arrows. Bathole imphumela emihle emidlalweni emibili edlule, bawinile kowodwa, badlala ngokulingana komunye. Kuzoba nzima kodwa sesibahlaziyile, sizozama ukubangena ezindaweni esikholwa wukuthi singaphumelela kuzo,” usho kanje.

“Siyazi ukuthi i-Arrows idlala kahle uma ihlasela ngokuzuma, uKnox Mutizwa ungena ngaphakathi, uRyan Moon uqhamuke esuka ngemuva kwakhe, nabadlala ophondweni bayashintshana. Siyazi bayingozi kuphi, sizozama ukuqinisekisa ukuthi siyabaqanda kulezo zindawo. Kuzoba nzima ngoba banabadlali abahle, kodwa siyazethemba nathi, kuzoba wumdlalo omuhle.”