Umqeqeshi we-Orlando Pirates uthi akalindele ukuthi bakhombise izinga abaliveze emdlalweni emibili edlule kuyo yonke imidlalo, kodwa angathanda ukuthi baqhubueke ngegiya abakulo emdlalweni wabo neChippa United namhlanje ukuze bagweme ukuphoxeka.
IPirates iqale isizini ngebatha ishaywa yiStellenbosch FC eWestern Cape kodwa ilandele lo mphumela ngokuvithiza iRoyal AM ngo 4-2, nangokuxebula iSekhukhune ngo 5-0 koweMTN8.
Ngaphezu kwemphumela, abalandeli bePirates bajabule ngendlela iqembu elidlala ngayo futhi banethemba lokuthi izoqhubeka idedele isibhaxu kule sizini.
Ekhuluma ngaphambi kwalo mdlalo kodwa uRiveiro uxwayise abadlali bakhe wathi izinto ziyashesha ukujika ebholeni.
“Ngeke isho lutho indlela esidlale ngayo namhlanje [ngoMgqibelo] uma sizoya eGqeberha sifike singawugcini umgqigqo nezinga esidlala kulo.
“Angisho ukuthi kumele sidlale kuleli zinga kuyo yonke imidlalo, kodwa engizama ukukusho ukuthi izinto zishasha ukuphenduka ebholeni. Uma sizokwazi ukudlala ibhola elisezingeni eliphezulu singase sinqobe ngoba iChippa iyiqembu elihle nayo.”