Ungqongqoshe wezemidlalo kuleli uGayton McKenzie uthi uzohlangana nezikhulu zePSL nezeSAFA kuleli sonto ukuze kukhulunywe ngokufakwa kobuchwepheshe beVAR kwiBetway Premiership.
UMcKenzie uthe iVAR idingeka njengamanje kwimidlalo yePremiership, kulandela izikhalo kubalandeli nebhola kuleli ngezinga lonondweba asebevamile ukwenza amaphutha kwimidlalo yePSL.
Kwisigameko sakamuva kukhalaze abalandeli beKaizer Chiefs edliwe yiMamelodi Sundowns ngegoli obekumele lichithwe ngoba bekune-offside.
Umqeqeshi weChiefs uNasreddine Nabi uthe kuyihlazo ukuthi izwe elikhulu njengeNingizimu Afrika alinayo iVAR, uthe ubengakulindele lokho.
UMcKenzie ufuna ukubona izinguquko.
“Bonke abathandi bebhola bayazi ukuthi sesifikile isikhathi seVAR ebholeni laseNingizimu Afrika. Siyayidinga iVAR futhi siyidinga manje,” kubhala yena emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana.
“Sizoqala imihlangano ngalokhu manje ngoba asilona izwe elibalwa nadonsa kanzima ngokomnotho. Ngizonibikela ngalokho maduze ngemuva komhlangano neSAFA Kanye nePSL kuleli sonto.”
Ngesikhathi ememzela iBetway njengabaxhasi abasha beligi usihlalo weligi u-Irvin Khoza wakuveza ukuthi osekubambezele uhlelo weVAR wuhlelo lokuqeqesha onompempe ngoba neMultichoice yake yafisa ukubasiza ngemali yokuletha lobu buchwepheshe. Ukuqeqeshwa konompempe umsebenzi weSAFA.