Usedlulile emhlabeni owayengumdlali weMamelodi Sundonws, Moroka Swallows, Jomo Cosmos namanye amaqembu u-Alton Meiring okubikwa ukuthi ugwaziwe.

Imibiko ngokubulawa kwakhe iqale ukungena ngeSonto ntambama noma ingakaveli eminye imininingwane ngokugwazwa kwakhe.

UMeiring (48), obizwa kabili kwiBafana Bafana ngesikhathi esadlala, uyeke ukudlala ibhola ngo-2008 kuleli kodwa ubesayingxenye yebhola njengoba ebesebenza nezinkulisa ezihlukene.

Enye yezinkulisa abesebenzisana nazo, uLusa Africa, iqinisekise izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni esitatimendeni.

“Kungenhliziyo ebuhlungu ukuthi siqinisekise ukudlula emhlabeni komqeqeshi u-Alton Meiring,” kusho uLusa Africa.

“Ubengumlandeli omkhulu weqembu lethu futhi usesize amaqembu amaningi kula masizini ambalwa edlule, kusukela kwabancane kuya kwabadala ngisho neqembu lethu labesifazane. Sibonga kakhulu ngolwazi nosizo lwakhe.

“Sicela nibeke umndeni wakhe emkhulekweni.”