Abaphathi beSuperSport United baphendule izikhalazo zikaGavin Hunt ngokumsayinisela obengumgadli weMamelodi Sundowns, u-Abubeker Nasir.
ISuperSport imemezele ukusayiniswa kwalo mdlali ngoLwesithathu ekuseni njengoba sekunesikhathi eziqeqesha neqembu.
UHunt ukhale wazithulisa kuleli sonto ngemuva kokushaywa yi-Orlando Pirates ngo 2-0 emdlalweni weligi, obekulandela isibhaxu asithole kwiKaizer Chiefs koweCarling Knockout ngempelasonto.
U-Abubeker Nasir (24) ufike kwiSundowns ethwelwe ngeqoma ebalwa nabagadli abaphambili e-Africa kodwa wafika wahlushwa ukulimala. Ikhono lakhe alingabazeki kodwa udinga ukudlala imidlalo ilandelana ukuze akhumbuze abakuleli ukuthi kungani ayebangwa amaqembu aphambili ase-Africa ngaphambi kokuthi ajoyine iSundowns.
Ukusayiniswa kwalo mdlali sekuphakamise imibuzo ngoSamir Nurkovic naye okubhekwe ukuthi uzoba yiTsatsantsa maduze.
Utheni uHunt ngemuva komdlalo wezakhe nePirates?
“Kunzima uma umnyango wokukuhamba kwabadlali uvuliwe…kodwa ke isona simo esibhekene naso. Abaphathi beqembu bangichazela ngesikhathi ngibuya eminyakeni emithathu edlule ukuthi sekunskhathi iqembu lagcina ukungena kwi-top 4,” kusho uHunt ngemuva komdlalo.
“Uma ubheka isizini eyandulela edlule, saqeda kunombolo 3 kwilog, ngesizini edlule siqede kunombolo 7 kodwa sisale ngephuzu elilodwa kunombolo 4. Lokhu sikwenza kade sigqalazwa ukuhambela amazwe, sisebenzisa izingane ezivela kwiDStv Diski Challenge. Sithwale kanzima,a., kodwa ke, nginikeze imali ngizokukhombisa ukuthi sinqotshwa kanjani isicoco seligi.”