Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt usephinde wazwakalisa ukungenami ngesikwati agadla ngaso kwiBetway Premiership, uthi uma enganikezwa imali engasinqoba isicoco seligi.
UHunt uveze lokhu kulandela isibhaxu sika 2-0 asithole kwi-Orlando Pirates ngoLwesibili ebusuku e-Orlando Stadium kumdlali obungaphelezelwa amanye amagoli.
Njengamanje Amatsatsantsa akunombolo 13 kwi-log yePremiership okuzomhlalisa ngesinqe esisodwa uHunt zisuka.
Impi isiqala ukudla amahawu kulo mqeqeshi ophinde wakhala ngokushoda ngabadlali abasezingeni ngemuva komdlalo wayizolo.
“Kunzima uma umnyango wokukuhamba kwabadlali uvuliwe…kodwa ke isona simo esibhekene naso. Abaphathi beqembu bangichazela ngesikhathi ngibuya eminyakeni emithathu edlule ukuthi sekunskhathi iqembu lagcina ukungena kwi-top 4,” kusho uHunt ngemuva komdlalo.
“Uma ubheka isizini eyandulela edlule, saqeda kunombolo 3 kwilog, ngesizini edlule siqede kunombolo 7 kodwa sisale ngephuzu elilodwa kunombolo 4. Lokhu sikwenza kade sigqalazwa ukuhambela amazwe, sisebenzisa izingane ezivela kwiDStv Diski Challenge. Sithwale kanzima,a., kodwa ke, nginikeze imali ngizokukhombisa ukuthi sinqotshwa kanjani isicoco seligi.”
ISuperSport isolwa abaningi ngokuphenduka iqembu elidayisayo njengoba isidayise abadlali okubalwa kubo uRonwen Williams, Teboho Mokoena, Thalente Mbatha, Thatayaone Ditlhokwe, Sipho Mbule, Thapelo Maseko nabanye eminyakeni edlule.
Ekuqaleni kwesizini igqemeke engeqiwa ntwala kulimale umgadli uBradley Grobler ovalele amagoli awu-11 ngesizini edlule.
Ngaphandle kokukhala ngokushoda kwabadlali, uHunt uzwakalise ukungenami ngokubhekana namaqembu amakhulu kulandelana. Ngempelasonto iSuperSport ibhuquziswe yiChiefs ngo 4-0 kwiCarling Cup ngaphambi kokudlala neBucs. NgoMgqibelo izophinde ibhekane neChiefs koweligi.