Amathikithi omdlalo weMamelodi Sundowns neYoung Africans weCAF Champions League adayisa ngoR20 eTicketPro njengendlela yokugqugquzela abalandeli bompetha be-African Football League ukuthi beze ngobuningi babo emdlalweni wakusasa.
Emlenzeni wokuqala we-quarterfinal yeSundowns neYanga babambane ngo 0-0 owabhora izethameli ezayigcwalisa mfi iBenjamin Mkapa Stadium.
Getting ready for the big one! 🙌
— Mamelodi Sundowns FC (@Masandawana) April 4, 2024
📍 Loftus Versfeld Stadium#Sundowns #TotalEnergiesCAFCL pic.twitter.com/il7dBxAw5g
Sekujwayelekile kumasizini edlule ukuthi iSundowns incenge abalandeli bayo ukuthi bazoyibuka noma kungekho ukungabaza ukuthi idlala ibhola elihle ukuwadlula onke amanye amaqembu eNingizimu Afrika.
Phambilini bekuthiwa abalandeli abafike befake izikibha ezi-yellow noma ijezi leSundowns ukuze bangene mahhala. Kulokhu iDowns ngathi izama ukwenza inkence njengoba isaphusha amathikithi kaR20. Kungenzeka kodwa bagcine sebengena mahhala futhi uma engapheli.