Umdlali weMamelodi Sundowns ovutha engabaselwe kwiDStv Premiership nakwiCAF Champions League, uCassius Mailula, sekuvele ukuthi ufunwa amaqembu aseFrance.
UMailula (21) usevalele amagoli awu-7 nama-assist amathathu emdlalweni ewu-12 kule sizini kwiDStv Premiership. KwiChampions League unamagoli amahlanu (uma ubala ne-hattrick ayivalela kowokuhlungela amaqoqo).
Indlela adlala ngayo yenza abalandeli abaningi bebhola kuleli bekholwe wukuthi ufanelwe ukudlala e-Europe ngesizini ezayo.
Engxoxweni neKickOff, i-agent yakhe uKarabo Mathang isiveze ukuthi ufunwa amaqembu amabili agijima kuLigue 1 eFrance.
“Akhona amaqembu amfunayo kodwa okwamanje awakabeki sicelo sokumsayinisa. Amaqembu amfunayo aseFrance, kodwa okwamanje ngeke ngikwazi ukuwadalula. Okwamanje ilokho kuphela engizokusho,” kusho uMathang.
Umqeqeshi weSundowns, uRhulani Mokwena, usanda kuveza ukuthi uMailula angase abe ngomunye wabadlali bakuleli abangaphumelela e-Europe.