Ukapteni we-Austria odlalela iReal Madrid, uDavid Alaba, uziqhathe nabalandeli beLos Blancos evotela uLionel Messi koweFIFA The Best Football Awards 2022.
U-Alaba ucwaswe ngokwebala ehlaselwa abalandeli beMadrid iningi labo elikhala ngokuthi akamvotelanga ngani uKarim Benzema.
UMessi unqobe indondo yeBest FIFA Men’s Player izolo kulandela ukuhola i-Argentina ngesikhathi inqoba iWorld Cup eQatar.
Le ndondo ivotelwa abaqeqeshi, okapteni kanye nezintatheli ezikhethiwe emazweni ahluka-hlukene.
Ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi u-Alaba uvotele uMessi, u-Alaba wazise abalandeli bakhe kuTwitter ukuthi ivoti lakhe limele iqembu lonke, hhayi yena kuphela.
“Iqembu le-Austria livota ndawonye kwiFIFA The Best Awards. Wonke umuntu uvumelekile ukuvota, sikhetha kanjalo. Wonke umuntu uyazi, ikakhulukazi uKarim, ukuthi ngiyihlonipha kangakanani indlela adlala ngayo.”
UBenzema ugcine ephelele kunombolo 3 kwiFIFA Best, unombolo 2 uthathwe wuKylian Mbappe.