Minenhle Zwane 

Indoni yamanzi enguNandi Mnguni, oseziphendlele indlela eya kowamanqamu kowozime, owaziwa ngokuthi uMiss SA Teen, uthi ufisa ukuqhakambisa ibala lakhe njengoba akhula ontanga bakhe bemchukuluza ngalo.

Le  ndoni edabuka eMtubatuba eneminyaka ewu-14 iqala ngqa ukungena kulo mncintiswano kanti ngesikhathi ixoxa neGibela iqhakambise ubumqoka bokuthola ithuba kowamanqamu.

“Kusho lukhulu ukuthola leli thuba kimi ngoba ngizokwazi ukubonisa umhlaba wonke ubuhle bebala lama engakhula kushiwo izinto ezimbi ngalo. Ekhaya babehlala bengitshela ukuthi akulona iqiniso abakushoyo, njengoba sengikhulile sengiyazethemba futhi ngizizwa ngimuhle,” kuchaza uNandi.

Ekhuluma ngezinto abantu besifazane abangenele imincintiswano yozime okungamele baqhelelane nazo ubale ukuzethemba, nokungavumeli imuva labo libavimbele ekuphumeleleni.

“Kumele bazigqaje ikakhulukazi ngoba emhlabeni esiphila kuwo abantu besifazane babukelwa phansi. Isimo sama khaya abaphuma kuwo kumele kube yiso esibagquqguzelayo ukuthi basebenze kanzima ukuze bezophumelela kukho lonke abakufisayo,” usho kanje.

Kubantu abukelela kubo njengamanje uNandi ubale odadewabo nabo abamodelayo.

“Ibona abangikhuthazayo noma sengifikelwa ukuzenyeza bahlala njalo bengitshela ukuthi angiwuzibe lowo muzwa ngizethembe futhi ngisebenze kanzima kunakuqala” kusho u Nandi.

Uzime waseMtubatuba uNandi Mnguni

Uthe inyanga yabantu besifazane ibaluleke kakhulu kuye ngoba uyisebenzisela ukuqhakambisa abesimane abenza kahle emphakathini wangakubo abangakaziwa.

“Sengiqalile ezinkundleni zami zokuxhumana, ngifaka izithombe zabo ngoba ngifisa umhlaba wonke ugcine usubahlonipha ngenxa yegalelo labo elihle abalidlalayo ekufundiseni ikakhulukazi intsha ngokuzithuthukisa.”

Nxa ekhuluma ngezinqinamba abhekene nazo uveze ukuthi iningi lazo zibangwe ukufika kweCovid-19 njengoba imuvimbe ekwenzeni imisebenzi eyenziwa ngozime emiphakathini yaphinda yashitsha nendlela afunda ngayo eesikoleni.

Njengoba sekuseduze ukuba kumenyezelwe odle umhlanganiso unxuse abalandeli bakhe ukuba bamuvotele ngokulandela le link: https://pageantvote.es/pageants/2741/contestants/18166?fbclid=IwAR2Obb95p_-Y7Tt_3hP2PsJh0GGrQ-3Sgvf_VDaV7OO3zakq5lBYT09MKno