PHUMELELE NXUMALO

WENZA ezibukwayo emkhakheni wezamafilimu uMel Mthembu osanda kuqopha ifilimu esihloko sithi Abalele ngoR2000 kuphela.

UMel uthe, le filimu eqoshelwe elokishini laseMLazi, isuselwe odabeni olwenzeka ngempela, njengoba igxile kowesilisa ogama lakhe nguMzwandile Mnyende obhekana nezimo ezithile ngemva kokuthola iqiniso ngowesifazane amgibeza emotweni yakhe ngesikhathi ebuya emsebenzini.

UMel uthi wakhula engumuntu ofisayo ukwazi ngokwenzekayo uma kuza ngakwezobuciko.

“Umqondo wokwakha okuthile ukususela kokungekho ubuhlezi ungijabulisa. Enye ingxenye yami ibiyazi kahle ukuthi ukuba sendaweni yezobuciko kuzoba ikusasa lami maduze noma esikhathini esizayo,” kusho uMel.

Uthe, wafunda ukudlala ipiano nokwenza umculo awukhiqize kodwa lokho kwakungenele.

“Ngangifuna ukuthi amacebo ami ngiwabone ngamehlo. Ngafinyelela esigabeni sokuthi ulwazi lwami lomculo nelokuhlanganisa umsindo luhambisane nevideo,” kusho yena.

UMel uthe, uhleli ekholelwa wukuthi ukusebenza njengeqembu kwenza umsebenzi ube yimpumelelo. Uthe nangesikhathi kuqoshwa le filimu ukubone kuyiqiniso lokhu.

“Awucabange nje ukwenza ifilimu ngemali ewuR2000 kuphela. Ngabantu nje abakholelwa kumbono futhi abalambele ukusiza nokuyibona mathupha ngaphandle kokulindela okuthile. Ngempela le filimu ibingeke yenzeke ngaphandle komndeni nabangani abebenikela ngezinsizakuqopha,” kuqhuba uMel.

Uthe, lo mkhakha wenganyelwe kakhulu abantu besilisa kanti ufisa ukuthi kuvulelwe nabesifazane amathuba. Okunye okuvezwe yileli ciko ukuthi, yena njengeciko wenza akuthandayo kanti ukuthi abantu bakuthatha kanjani kungaphezu kwamandla akhe. Uqhube wathi, le filimu iyingwijikhwebu njengoba okwenzeka kuyona kusuke kungekona lokhu okucabangayo.

“Kuningi okwenzekayo okungalindelekile. Usuke ungazi lapho ibheke khona. Uma uthi uzama ukucabanga ukuthi kuzokwenzakalani umcabango wakho usuke ungekona lokhu okuzokwenzeka,” kuphetha uMel.