Umdlali omusha weKaizer Chiefs uLuke Fleurs ubhoboke ngesifiso anaso sokusiza iqembu linqobe izindebe.
UFleurs (23), obehlolwa eNaturena kulamasonto adlule, usayine inkontileka yeminyaka emibili neGlamour Boys.
Lesitobha sishiye iSuperSport United ekupheleni kwesizini ka-2022/23 sekuphele inkontileka yakhe.
“Ngijabule kakhulu ngokusayina ngoba nginesikhathi eside ngifisa ukuba yingxenye yeGlamour Boys.
“Abadlali banobudlelwano obuhle eqenjini, basondelene njengomndeni. Ngifuna ukusiza iqembu linqobe izindebe. IChiefs iyiqembu elikhulu, ngihlela ukusiza siwine izindebe.
Luke Fleurs signs for Amakhosi!
— Kaizer Chiefs (@KaizerChiefs) October 26, 2023
Kaizer Chiefs have fortified their defensive unit with the signing of Under-23 international, Luke Fleurs, on a two-year contract, with an option for a further season.
Welcome to the family!https://t.co/ektYRGBARu#Amakhosi4Life #Khosified pic.twitter.com/Nbya0RS0ww
Sizilungiselela kahle ejimini, sengiyijwayele indlela iqembu elidlala ngayo. Imiphumela ayigculisi okwamanje kodwa sizokwazi ukuyiphendula uma sizosebenza ngokuzikhandla. Bakhona abadlali abanethalente, sizozijika izinto,” kusho uFleurs.
UFleurs uzobanga ijezi noThatayoni Dithlokwe, Njabulo Ngcobo, Given Msimango no-Edmilson Dove, okuyizitobha ezikhona kwiChiefs.