Iqembu laseNgilandi iBurnley libonge ukuzikhandla kukaLyle Foster ngokumnikeza inkontileka entsha yeminyaka emihlanu.
UFoster (23) uyiqale ngegiya eliphezulu isizini njengoba eseshaye amagoli amathathu kwiPremier League, wakhandela ozakwakhe amabili.
Lomgadli uchaze ngesinqumo sokulwelula inkontileka yakhe eTurf Moor.
“Ngiyajabula ngokuqhubeka ngihlale eqenjini. Ngikhululekile eqenjini, nabantu engine engisebenza nabo ngibajwayele. Indlela yokuhlela izinto iyangigqugquzela ukuthi ngihlale.
Leliqembu lilwela ukuphumelela, okuyinto engifuna ukuba yingxenye kuyona,” kusho uFoster ecashunwa i-website yeqembu.
Yize lomgadli ebhakuzisa inethi, amaClarets athwele kanzima njengoba ehleli endaweni yezembe kunombolo 18.
“Ngizama ukugxilisa umqondo eqenjini, ngiqhubeke nokusebenza kanzima. Isizini isazodonsa nemidlalo elandelayo inzima. Ngibona sisazokhula ngokuhamba kwesikhathi.
Sizowubamba umgqigqo maphakathi nesizini. Ngiyalithemba iqembu nabadlali abakhona. Akudingeki sicabange kakhulu, kufuneka sizikhandle, impumelelo izolandela,” kubeka lomgadli.
Inkontileka entsha izogcina lomdlali eTurf Moor kuze kuphele unyaka ka-2028.
UFoster usayine inkontileka yeminyaka emine kwiBurnley ngoJanuary esuka kwiWesterlo yaseBelgium.