Umgadli we-Arsenal uGabriel Jesus uthi kumele bakholwe ukuthi bangayinqoba i-UEFA Champions League enqotshwe yiManchester City ngesizini edlule.

UJesus (26) ushaye igoli ngomzuzu ka-53, wakhandela noGabriel Martinelli igoli lokuqala emdlalweni ngesikhathi bedlala neSevilla eSpain ngoLwesibili

Ukunqoba kweGunners kuyibeke esicongweni seqoqo kwiChampions League emidlalweni emithathu. I-Arsenal isalelwe imidlalo emibili esekhaya, nowodwa wePSV Eindhoven osekuhambeni. 

UJesus ufinyelele kowamanqamu weChampions League ngo-2021 esagijima kwiManchester City ahlale kuyo amasizini amahlanu. 

Lomgadli uthi i-Arsenal kufanele izibekele umgomo wokuyinqoba iChampions League ezosingathwa eWembley ngoJuni ngonyaka ozayo. 

“Ngiwukhonzile lomqhudelwano, ngiwuthanda ngokufanayo nePremier League. Ngashaya igoli kusukela ngiqala ukudlala kwiChampions League. 

“Bengingakaze ngiyinqobe kodwa ngiyibhekile lendebe enkulu. Akukho lula kodwa kufanele sikholwe ukuthi singayinqoba,” kuchaza uJesus kwabezindaba sekuphele umdlalo. 

Lomgadli uphume elimele, kubukeka sengathi udonseke umsipha. UJesus uthi akukho okufanele bazikhathaze ngakho ngoba akathintekanga kakhulu. 

“Ngihlolwe omunye wabasizi eqenjini. Akubukeki kuyinto enkulu. Ngizobuyela kudokotela kodwa angiboni kuyinto enkulu,” kuchaza uJesus.