Akalilahlile ithemba ngokuvika izembe umqeqeshi weMaritzburg United, uFadlu Davids, ngaphambi komdlalo wanamhlanje neCasric Satrs, eSolomon Mahlangu stadium.
ITeam of Choice idinga ukubuya namaphuzu aphelele emdlalweni wanamhlanje ukuze iye emdlalweni wokugcina neCape Town Spurs isangakwazi ukuvika izembe ngo-June 14. Uma idliwa noma idlala ngokulingana namhlanje, kuphelile.
“Uma siyinqoba ngo 1-0 imidlalo emibili esele, siyahlala kwiDStv Premiership. Njengamanje sigxile ekuqinisekiseni ukuthi siyayithola imphumela esiyifunayo.
“Ngeke kube lula ukubhekana neCasric ngoba ayisadlaleli lutho, izodlala ikhululekile. Akumele siye kulo mdlalo sizitshela ukuthi ngeke badlale, kuzoba wumdlalo onzima.”
Umdlalo uzoqala ngo-3 ntambama namhlanje.