Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usecele ukungagxekwa kakhulu uma iSouth Africa ithola induku kwiMorocco emdlalweni wokugcina kweyokuhlungela ukudlala kwi-Africa Cup of Nations.
UBroos ukhumbuze abezindaba ukuthi akayithandanga indlela agxekwa ngayo iBafana ixetshulwa yiFrance ngo 5-0 emdlalweni wobungani ngonyaka odlule. Lo mqeqeshi odabuka eBelgium uthi abantu kumele bakhumbule ukuthi iBafana isezansi uma iqhathaniswa neFrance neMorocco, ephuma kuma-semifinal kwiWorld Cup eQatar.
🇿🇦Bafana Bafana 23-man squad for the AFCON qualifier against Morocco🇲🇦 on Saturday, 17 June 2023. pic.twitter.com/AxQ9flPFAs
— Bafana Bafana (@BafanaBafana) June 8, 2023
“Uma sibhekene neMorocco noma neFrance, ithina iqembu elincane. Ningazitsheli nje ukuthi sinabadlali abasezingeni labo.
“Iqiniso wukuthi bayiqembu elingcono kunathi njengamanje. Ningangiceli ukuthi ngenze izimangaliso. Ngisho singadliwa ngo 3-0 noma ngo 4-0 kukhona okuhle esizokufunda kulokho.
“Okuhle ngomdlalo weFrance ukuthi kwasinikeza ithuba lokuthi sibone esidinga ukukwenza ukuze sidlale kangcono. Uzosivivinya kahle umdlalo weMorocco ukusikhombisa ukuthi sesikuphi.”
UBroos uqhube wagcizelela ukuthi kwamcasula ukugxekwa kwakhe ngokudliwa kweBafana emdlalweni wobungani ikakhulukazi ngesikhathi egxekwa abantu okufanele ngabe bayakwazi ukuthi kusho ukuthini ukudlala umdlalo wobungani.