Umqeqeshi we-Orbit College uPogise Makhoye usecele iSAFA ukuthi iqinise ezokuphepha kumaNational Play-offs kulandela ‘ukuvika izinhlamvu’ eHarry Gwala stadium izolo ngemuva komdlalo wabo noMsinga United.
UMakhoye, obekhuluma neSABC, uveze ukuthi bahambe bengakwazanga ngisho ukujabulela ukunqoba lo mdlalo “bevika izinhlamvu”.
“Yimbi lento. Besingalindele ukubona into enje emdlalweni webhola, basimoshela umdlalo omuhle esibe nawo. Asikwazi ngisho ukujabulela esikuzuzile, kodwa kulungile ngoba sinqobile.
“Besikhathazekile kakhulu ngokuphepha, besisabela izimpilo zethu. Ngiyethemba iSAFA izohlela kangcono ngokuzayo, ikakhulukazi kwezokuphepha. Kunabazali abavume nezingane zabo ukuthi zizodlala, bakhathezekile. Awucabange nje usutshelwa ukuthi ingane yakho idutshulwe kuma national play-offs.”
Orbit College coach Pogiso Makhoye on the ugly scenes at Harry Gwala stadium on Friday. Instead of celebrating promotion to the professional ranks, they had to duck bullets from disgruntled supporters of uMsinga United.
— SABC Sport (@SABC_Sport) June 10, 2023
📹 #SABCSport’s @Velile_Mnyandu #SABCSportFootball pic.twitter.com/BMb71GAMHU