Isibabuli somdlali weMamelodi Sundowns, uThemba ‘Mshishi’ Zwane, sesiveze ukuthi sikhona isikhala somdlali weCape Town City, uKhanyisa Mayo, kompetha beDStv Premiership.

Muva nje uMayo, osejwayele ukubizwa kwiBafana Bafana, umataniswa neSundowns.

“Sikhona isikhala. Ngamtshela ukuthi izinto zihlukile kwiSundowns. Kuwo wonke umdlalo kumele ube sezingeni eliphezulu ukuze ugcine indawo yakho. Ngicabanga ukuthi angakwazi ukudlalela iSundowns,” kusho uZwane ekhuluma noMahlatse Mphahlele.

Ebuzwa ngokujoyina iSundowns ngesonto eledlule uMayo (24) waveza ukuthi akazi lutho ngale mibiko. UMayo usevalele amagoli amahlanu wathola nama-assist amabili kule sizini.

Khonamanjalo, uyise kaKhanyisa, uPatrick Mayo (owayedlalela iKaizer Chiefs) uveze ukuthi ngeke ayigqugquzele indodana yakhe ukuthi ijoyine iSundowns. Uthe lesi sinqumo angaseseka uma kuzoba nemigomo nemibandela eqinile kwinkontileka yakhe, njengokuthi kumele adlale u-90% wemidlalo.

Noma umnikazi weCape Town City waveza ukuthi ngeke bewadayisele amaqembu ePSL abadlali, kule sizini badayisele iSundowns uTerrence Mashego. Ngesonto eledlule idayisele i-Orlando Pirates uCraig Martin.