Sphamandla Gumede
Uzibeke yena icala, wavuma induku umqeqeshi weBafana Bafana uMolefi Ntseki iqembu lakhe lihluleka ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) yango-2022.
Kuphele umdlalo bephoxekile abadlali beBafana ngesikhathi beshaywa iSudan ngo 2-0 emdlalweni wokugcina wamaqoqo obubanjelwe e-Al Hilal Stadium izolo ntambama.
Lomphumela ubeke iNingizimu Afrika endaweni yesithathu kuGroup C, kwaba ukuphela kwendlela ebheke eCameroon.
Ngemuva kwalomphumela, abalandeli abaningi bakhale ngomqeqeshi befuna ukuthi axoshwe.
Ekhuluma sekuphele umdlalo, ukuhluleka kweqembu akubhekiswe kuyena uNtseki.
“Ngiwumqeqeshi weBafana, ngifike necebo lokushintsha izinto. Siqale kahle kwiqoqo lethu ngoba sithole amaphuzu alishumi. Besidinga iphuzu elilodwa ukuze sizodlulela phambili. Ngiwumqeqeshi, ngiyinhloko yekomidi elikhetha abadlali, ngiphoxeke kakhulu. Lokhu kuzongikhulisa kakhulu, kungezinye zezinto engizenzile njengomqeqeshi,” kuchaza uNtseki.
IBafana ibidinga iphuzu elilodwa kuphela ukuze izothola ithikithi eliya eCameroon ngonyaka ozayo kodwa amagoli kaSaifeldin Maki noMohamed Abdel Rahman Yousif esiwombeni sokuqala ashabalalise amathemba ezihambeli.
Ngesonto eledlule, iBafana yalahla amaphuzu ibambana neGhana ngo 1-1 eFNB Stadium.
Emdlalweni weSudan, iBafana ishaye udaka ihluleka ukwakha amathuba okushaya amagoli. ISudan ibizidlulela kalula kubadlali beBafana, okuyinto efakazelwe amagoli amabili esiwombeni sokuqala.
“Impumelelo yeqembu ingeyami. Uma iqembu lihluleka, kumele kukhonjwe mina kuqala. Ngizokubeka ukuthi ngihlulekile njengomqeqeshi ngoba ebholeni kumele uwavume amaphutha akho. Uma kunempumelelo, wonke umuntu uyakujabulela. Uma uhlulekile, kubhekwa wena wedwa.
Wonke umuntu uyakubheka, akhulume ukuthi uhlulekile ukudlulela phambili neqembu (AFCON). Izinto ezifana nalezi ziyenzeka ebholeni, ngiyavuma ngihlulekile. Kumele siqine, sivume ukuthi iqembu alikwazanga ukudlulela phambili.
Njengomqeqeshi ophinde abe ngumuntu waseNingizimu Afrika, bengifuna ukubona iqembu lidlala kwi-AFCON. Ngiphoxekile kakhulu,” kubeka uNtseki.
IBafana isamelwe imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba, engeke ibe lula njengoba ifakwe eqoqwni elilodwa neGhana.