Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis uthi umqondo wakhe usewubeke kwiNdebe yoMhlaba ka-2027 njengoba iqembu lakhe selisondele ekuzibekiseleni ngendawo kuma-Olympics azosingathwa eParis ngo-2024.
IBanyana ihlule iDemocratic Republic of Congo ngo 2-0 emlenzeni wesibili wokuhlungela ama-Olympics obubanjelwe e-Orlando Stadium ngoMsombuluko.
Womabili amagoli eBanyana ashaywe uThembi Kgatlana esiwombeni sesibili, ephaselwa uNicole Michaels.
Umdlalo womlenze wokuqala waphela ngo 1-1 eKinshasa ngempelasonto eyedlule.
“Abadlali abasebancane bakhombise ukuvuthwa, lokho kungiphathisa ngekhanda ngoba kunabadlali abaningi engibabhekile. Kukhona nabadlala emazweni angaphandle.
Asibuki ama-Olympics kuphela kodwa sesiphosa amehlo kwiNdebe yoMhlaba yango-2027. Akukhathalekile ukuthi ngizobe ngisekhona yini.
Kufanele siqinisekise ukuthi abadlali abasebancane bayalithola ithuba kungakafiki ama-Olympics,” kusho u-Ellis ekhuluma nabeSABC Sport sekuphele umdlalo.
U-Ellis uqhubekile nokudlalisa abadlali abasebancane odongeni lwasemuva.
“Sidlalise abadlali abasebancane enkundleni. Izitobha bekungabadlali abaneminyaka engaphansi kuka-22 (Karabo Dhlamini, Lonathemba Mhlongo, Wendy Shongwe no noFikile Magama).
UNicole noNoxolo (Cesane) basebancane ngokweminyaka. Sizama ukufaka abadlali abasebasha.
UThabiseng Majiya uneminyaka engu-19, usematasa nomatikuletsheni. Amawele akaShamase (Thubelihle noSiphumelele) baneminyaka engu-22. USinoxolo uneminyaka engu-22. UBongeka usemncane, kukhona noSibulele (Holweni) osemncane ngokweminyaka.
IBanyana izobhekana neTanzania kumzuliswano wesithathu wokuhlungela ama-Olympics. Lomdlalo uzoba nemilenze emibili.