UNgqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke uMnuz Bheki Cele uthembise ukuthi izigilamkhuba ezadubula zabulala abantu ethaveni yaseSoweto ngoMgqibelo zizoyikhotha imbenge eyomile.
UCele ukhulume kanje emuva kwesigameko sokudubula emijondolo yaseNomzamo e-Orlando East. Lesi sigameko singesinye sezigameko ezintathu zokubulawa kwabantu abaningi eNingizimu Afrika ngempelasonto.
Eqhuba uCele uthe endaweni yesigameko kwatholakala izinhlamvu zama AK47 eziwu 135, athe kutshengisa ukuthi izigelekeqe zazinenhloso yokudala umonakalo.
“Labantu babulawe izilwane, njengamaphoyisa kuwumsebenzi wethu ukuthi sithole ukuthi kwenzakaleni. Nalezigilamkhuba zibanjwe ziphendule ukuthi zisenzeleni isihluku esingaka,” kuchaza uCele.
Kwenzeka loku nje ngesonto eledlule bekungcwatshwa izingane eziwu21 eza kudutshulwe kwabulawa abantu abangaphezulu kuka 20 eGauteng naKwaZulu Natal, eMgungundlovu. Abantu abasala belimele bawu 15. NgoMsombuluko kuphinde kwadutshulwa kwabulawa owesilisa (33) obesethaveni yaseMamelodi eTshwane.