Owesifazane (42) osolwa ngokubulala udadewabo (55) obeyiphoyisa lasesiteshini samaphoyisa eMzimkhulu uboshwe oKlebe ngoLwesithathu, kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili maduze.
UNkk Bongeka Somani(umsolwa) usesitokisini nomsolwa uMnuz Siyabulela Mbhele (24) abasolwa ngokubulala uSergeant Nokuthula Somani.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uCaptain Simphiwe Mhlongo uthe kusolakala ukuthi abasolwa bangena endlini kamufi oseMzimkhulu ezihlalele bafike bamthela ngoyaba lwezinhlamvu maqede babaleka.
“Abasolwa bayibingelelile iMantshi ngoLwesithathu, eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu. Kulindeleke ukuthi bafake izicelo zebheyili ngoJulayi 22,” kusho uCaptain Mhlongo.
Eqhuba uthe amaphoyisa asesiteshini Ibisi avula icala lokubulala abe eselidlulisela koKlebe. Uthe emva kophenyo olunzulu uphiko loKlebe oluphenya ubugebengu obuhleliwe abophe umsolwa kwiwadi yaseNhlabeni e-Ibisi.