Umengameli we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnuz Julius Malema usefunge wagomela ukuthi umengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa, uzobhekana nesimo esifanayo nowayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma, uma engazihoxile kwesokuhola izwe.
UMalema ubeke kanje ekhuluma nabezindaba ngoLwesine eGoli lapho aveze khona ukuthi bazokhuluma nawo wonke amaqembu aphikisayo ngokufaka isiphakamiso sobungabethembi ubuholi bukaRamaphosa ePhalamende.
“Kulabo abathi i-ANC ngeke iseseke uma sesifaka isiphakamiso sokuthi asuswe uRamaphosa, ababuke umlando. Sakwenza kuZuma, i-ANC yayisizovota nathi ephalamende ngaphambi kokuthi bagcine beqoke ukuthi azihoxele yena,” kusho uMalema.
UMalema uthi uRamaphosa akananto angavika ngayo odabeni lokwenzeka eplazini lakhe elibizwa ngePhala Phala, olwaputshuzwa wu-Arthur Fraser. Uthi lwafika enkantolo kuyoba nzima ukuthi izinkantolo zimthole emsulwa, kodwa njengoba engavulelwe cala njengamanje, kumele aphendule imibuzo kwasolwa ngakho.
“Le ndoda iyahamba. UDD Mabuza kumele aqale azivocavoce ngoba ngibonile usenomkhabana, kumele athi ukugijima kancane ukuze isudi yobumengameli izomhlala kahle,” usho kanje.