PHUMELELE NXUMALO

KUZWELE nakwinkakha yomrepha wakuleli uRefiloe ‘Cassper Nyovest’ Phoolo ukubulawa kwabesifazane bebulawa ngabesilisa eNingizimu Afrika.

UCassper uzwakalise ukungahambisani nalesi sihlava ekhasini lakhe kuTwitter, lapho ebhalele khona umengameli wakuleli uCyril Ramaphosa incwadi ekhala ngokunyathela ngolonwabu kukahulumeni empini nokubulawa kwabesifazane kuleli.

“Mnumzana uMengameli!!! Abantu besifazane nabantwana emiphakathini yethu bayabhubha bebhubha ngezandla zabantu besilisa. Ukuphela kwento esiyizwayo wukuthi “sidinga ukwenza kangcono” kodwa akukho okwenziwayo. Akubi ngcono. Kuzoqala nini kanti lokhu kwenza ngcono?” kubhala uCasper.

Ukubhala kukaCassper le ncwadi kulandela ukubulawa ngesihluku kwesitshudeni saseWitswatersrand (WITS) ebesenza unyaka wokuqala uKwasa Lugalo (19) ogwazwe amahlandla amathathu wafa ngobeyisoka lakhe ngoba engafuni ukwaliwa.

UCassper ukhale ngobuhlungu benhliziyo ngokubulawa kukaKwasa.

“Inhliziyo yami yephukile. Ngiphelelwe ngamazwi. Ewu, amadoda asemiphakathini yethu. Angikwazi ngisho ukuthi ulale ngokuthula ngoba lokhu akulungile. Ulala kanjani ngokuthula impilo yakho isheshe yathathwa? #JusticeForKwasa,” kubhala yena.

Ukubulawa kukaKwasa kuzwele nakuMiss Universe uZozibini Tunzi naye ozwakalise ukuhlukumezeka ngokubulawa kwakhe. Embhalweni awufake ekhasini lakhe likaTwitter uveze ukuthi uKwasa bekungumngani kadadewabo omncane, kanti akeneme ngokubulawa kakhe.

“Umngani kadadewethu omncane, injabulo enhle kumina nasemndenini wami. Ugwazwe wafa ngumfana ngoba engamfuni. Angazi nokuthi ngithini. Uxolo Malebomvu ntombi encane. Uphumule ngoxolo. #JusticeForKwasa #RIPKwasa,” kubhala uzozibini.

UKwasa ubulawe ngaphambi kwezinsuku ezine kube wusuku lokuphela konyaka kwabulawa esinye isitshudeni, u-Uyinene Mrwetyana (19) owayeyisitshudeni sase-University of Cape Town (UCT). U-Uyinene wadlwengulwa  wabulawa ngumsebenzi waseposini laseClaireinch uLuyanda Botha. UBotha wagwetshwa odilikajele abathathu ngokubulawa kuka-Uyinene.