PHUMELELE NXUMALO
UKWENTULEKA kwamathuba omsebenzi kubenze basungula ibhizinisi lokubhaka uSiyanda Shabane noMbonisi Gumede baseMlazi, eningizimu neTheku.
USiyanda (30) noMbonisi (30) basesigcemeni sakwa-E, bangabasunguli nabaqondisi beSG Bakery okuyibhizinisi lokubhaka abalisungule nyakenye ngenxa yokungawutholi umsebenzi ngemva kokuphothula imfundo yabo ephakeme.
USiyanda uthe, ibhizinisi labo libhaka liphinde lidayise izinkwa namakhekhe ezindaweni ezahlukahlukene. Uthe, ukuqala kwabo ukudayisa ngoJuly nyakenye baqale ngamakhekhe esingabala, amakhekhe anamakhona amane, muffins kanye namacupcakes, abebewadayisa eJacobs naseClaiwood. Uthe, izinkwa baqale ukuzidayisa ngoMeyi nonyaka ngesikhathi kuvalwe izwe thaqa ukuze kuliwe nokubhebhetheka kobhubhane ukhuvethe.
“Ukufika kokhuvethe kusenze sabona kungcono siqale nokubhaka sidayise izinkwa. Besifuna izinkwa ezizoba sezingeni eliphakeme kodwa zibe zibiza imali umphakathi waseMlazi ozokwazi ukuyikhokha njengoba iningi lithikanyezwe wukhuvethe ngasemnothweni,” kusho uSiyanda.
Uthe, ubengakaze azicabange ebhaka noma enebhizinisi lokubhaka ngelinye ilanga.
“Ukubhaka ngikufunde kuGoogle. Amaresiphi bengiwathola khona kuGoogle. Nodadewethu ubengisiza ngokungifundisa ukubhaka ngoba yena uyakwazi ukubhaka,” kusho yena.

ISITHOMBE: Sithunyelwe
Lo somabhizinisi uveze ukuthi, ukubhebhetheka kokhuvethe kulithikamezile ibhizinisi labo njengoba amafemu abebedayisa kuwona amakhekhe abevaliwe.
“Ukhuvethe lusiphoqe ukuthi sime ukudayisa eJacobs naseClairwood njengoba amafemu abevaliwe ngenxa yokhuvethe. Yize sesivulile futhi ukudayisa khona kulezindawo kodwa ibhizinisi liseza kancane alikabuyeli esimweni esikahle,” kuqhuba uSiyanda.
USiyanda uthe, kuleli bhizinisi baqashe abantu abangu-12 ababasiza ngokubhaka nangokudayisa izinkwa eMlazi kanye namakhekhe eJacobs naseClairwood. Uthe, bafisa ukuthi iSG Bakery kube yigama elaziwayo eMlazi nakwezinye izindawo, liphinde lifundise nabanye abantu abasha ukuthi ukungawutholi umsebenzi akusho lutho njengoba bengazenzela bona imisebenzi babe ngama-CEO.
USiyanda uneziqu zeDiploma kwiChild & Youth Development azethwezwe eDurban University of Technology (DUT), kanti uMbonisi uneziqu zeMasters kwiDevelopmental Studies azethweswe e-University of Kwa-Zulu Natal (UKZN).