PHUMELELE NXUMALO

USOLWE ngokukhetha iphela emasini uNgqongqoshe weMidlalo, ubuCiko naMasiko uNathi Mthethwa ngokuphendula umbhalo womethuli wezinhlelo nosomabhizinisi uBonang Matheba kuTwitter.

UMthethwa uhlangabezane nale mbibizane ngemva kokuphendula umbhalo ofakwe wuBonang ekhasini lakhe likaTwitter evumelana no@mpumz_n ofake umbhalo othi: “UNathi Mthethwa uyangicasula.” UBonang uphendule umbhalo kaMpumz ngokuthi: “Nami. Kakhulu futhi.”

Kulandela lo mbhalo uMthethwa ube esenxenxa uBonang noMpumz ukuba baxhumane naye ukuze bamtshele zonke izikhalo zabo.

“Ngizwile Bonang. Ngizothanda ukunimema noMpumz ukuthi ningitshele izikhalo zenu. Ningangitshela zona khona la, ngokungithumelela umqhafazo noma nge-email. Noma ngabe eyiphi indlela ehambisana nani,” kubhala uMthethwa.

Impendulo kaMthethwa ayehlanga kahle kubantu abazwakalise ulaka lwabo bemsola ngokuziba uma ekhulunyiswa ngabanye abantu becela usizo aphendule kuphela uma kungusaziwayo okhuluma naye.


Kwenzeka lokhu nje, amanye wamaciko akuleli aweneme ngendlela uMthethwa engamele ngayo isikhwama sesibonelelo sokwelekelela amaciko nabezemidlalo njengoba bethikanyezwe wukhuvethe ngokomnotho. Omunye ozwakalise ukungenami kwakhe ngalesibonelelo umrepha u-AKA okhale ngokuthi yincane kakhulu imali ekuthiwa izotholwa ngamaciko. Enxanxatheleni yemibhalo abeyibhala ekhasini lakhe likaTwitter u-AKA, ubekhala ngokuthi ayikho into angayenza ngoR2200 ngoba muncane kakhulu. Uthe, kuncono uhulumeni ayinike abantu abayidingayo le mali ngoba yena ngeke imenzele lutho.