Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso usebenzise inhlamba ephikisa umbono wokuthi uwumqeqeshi othanda ukugqisha emuva ngemuva komdlalo wabo ne-Orlando Pirates ophele ngo 1-1.
IMamelodi Sundowns ibihamba phambili ngegoli likaPeter Shalulile kulo mdlalo kodwa iBucs yakwazi ukulinginisa umdlalo ngegoli elihle likaCamren Dansin elishiye uRonwen Williams ekhamisile emapalini.
ISundowns ihluleke yancama ukwakha amanye amathuba acacile okukora kulo mdlalo, kwale ngisho sekungene u-Iqraam Rayners oqale ebhentshini.
UCardoso uthi bebefuna ukuwunqoba umdlalo.
“Besifuna ukuwunqoba umdlalo, ukube benikhona echange room, benizoqonda ukuthi ngibaphushe kangakanani abadlali ukuthi banqobe umdlalo, ayikho enye indlela engicabanga ngayo,” kusho uCardoso.
“Noma abantu bethi ngithanda ukuvala emuva, kungama*imba lokho, akulona iqiniso. Besifuna ukuwunqoba umdlalo.
“Ngibonile ukuthi isimo somqondo sishintshile kubo ngemuva kwegoli labo, kodwa bengifuna bakhombise ukuzethemba, bangesabi. Ngibatshelile ukuthi badinga ukudlala ngesibindi uma befuna ukunqoba.”
Lo mqeqeshi uqhube waveza ukuthi enye into ebehlisele izinga emdlalweni wayizolo ukungabi nabo abadlali abale kubo oThemba Zwane, Mothobi Mvala, Thapelo Morena, Miguel Reisinho, Teboho Mokoena, Divine Lunga, Kutlwano, noMalibongwe Khoza.
ISundowns ngoLwesithathu izobhekana neTS Galaxy.