Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou uthi usazoqhubeka nokunikeza izintwana ithuba lokudlala ngemuva kokuqalisa uCamren Dansin emdlalweni wabo neMamelodi Sundowns izolo.
U-Ouaddou umangaze abaningi ngesinqumo sakhe sokuqalisa uDansin (20) izolo kodwa isinqumo sakhe sisebenzile njengoba lo mdlali evalele ingcwenga yegoli elilinganise umdlalo ogcine uphele ngo 1-1 eLoftus Versfeld.
Noma evalele leli goli, bekunezikhalo kubalandeli ezinkundleni zokuxhumana, naseLoftus, njengoba ebebuye elahle ibhola kungenasidingo esiwombeni sokuqala. Igoli lakhe empeleni livale abalandeli abaningi imilomo, kodwa isekhona imibuzo ngokuvalelwa ngaphandle kukaThalente Mbatha obengekho ngisho ebhentshini.
Abadlali beBafana uSipho Mbule noPatrick Maswanganyi nabo baqale ebhentshini.
Camren Dansin with a goal of his dream.
— Lorenz Köhler (@Lorenz_KO) November 1, 2025
His first professional goal, a stunning volley to level matters vs Sundowns.
pic.twitter.com/14meeM6zFY
Ebuzwa ngesinqumo sakhe ngemuva komdlalo, u-Oauddou uthe kuwumsebenzi wakhe ukunikeza abadlali abavela kwinkulisa ithuba.
“Kunzima kumqeqeshi ngoba ukube sidliwe ngabe abantu bathi ‘umqeqeshi uqalise umdlali ongenawo amava’,” kusho yena ekhuluma nabeSuperSport TV.
“Njengomqeqeshi osebenze kwi-development iminyaka emihlanu kuya kweyisithupha, kufanele ngibanikeze ithuba abafana abancane abanekhono, bayalidinga ithuba lokuziveza.
“Sikwenzile lokho namhlanje, emdlalweni omqoka. Lo mdlali uzomnikeza ukuzethemba, akhule.
“Ngizoqhubeka nokunikeza intsha yaseNingizimu Afrika amathuba okudlala.”
Umphumela wayizolo ubeke iBucs kunombolo 3 etafuleni leBetway Premiership, isele ngamaphuzu amathathu kwiMamelodi Sundowns esesicongweni, inemidlalo emibili esandleni.
NgoLwesithathu Ezimnyama zizobhekana naBafana Bes’thende eKing Zwelithini Stadium.