Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso uthi kufanele bazinuke amakhwapha ngokuhluleka ukuthatha amaphuzu aphelele emdlalweni wabo weCAF Champions League ne-Al Hilal izolo.
Umdlalo ugcine uphele zibambene ngo 2-2, okuchaze ukuthi iSundowns igcine indawo yayo esicongweni kuGroup C, kodwa njengoba sekuzodlalwa imilenze yesibili umqhudelwano usuzoshuba.
Ngemuva komdlalo wayizolo abalandeli beDowns bazwakalise ukungenami ngoCardoso neSporting Director yeqembu uFlemming Berg njengoba kunokungenami ngezinga lebhola.
Ekhuluma nezintatheli ngemuva komdlalo nokho uCardoso uthe bakhe amathuba anele ukunqoba.
“Ngeshwa kufanele sizigxeke thina, sakhe inqwaba yamathuba sahluleka ukuvalela elinye igoli. Bangene ebhokisini lethu kabili, bakora,” kusho uCardoso.
“Sikhombise ubungane, kuleli zinga asikwazi ukuwenza amaphutha esiwenzile.
“Sakhe amathuba anele ukuthi siqede ngomdlalo, kufanele senze kangcono ebhokisini, kubalulekile lokhu. Besiwuphethe umdlalo futhi senze okwanele ukuthi siwunqobe.”
Trademark Teboho Mokoena 🚀
— Lorenz Köhler (@Lorenz_KO) January 23, 2026
Stunning strike from the Mamelodi Sundowns midfielder. #TotalEnergiesCAFCL
pic.twitter.com/BieXas6rsW
UCardoso uqhube wathi ngemuva kwemidlalo emithathu uma eqhathanisa nesizini edlule, basesimeni esingcono.
ISundowns izophinde ibhekane ne-Al Hilal ngoLwesihlanu ngesonto elizayo, eRwanda.