Unozinti weMamelodi Sundowns uDenis Onyango uthi bonke abadlali bayazi okufanele bakwenze ukuze banqobe iCAF Champions League kule sizini.
ISundowns yagcina ukunqoba iCAFCL ngo-2016/17, sekuneminyaka izama ukuyinqoba okwesibili ilokhe ishweba. Ngesizini edlule ijike kowamanqamu.
Namhlanje ompetha beBetway Premiership bangesizini edlule bazotholana phezulu ne Al Hilal yaseSudan eLoftus Versfeld Stadium ngo 8 ebusuku.
“Ngicabanga ukuthi bonke abadlalali bayazi kufanele senzeni ukuze sinqobe iChampions League,” kusho u-Onyango ekhuluma nabezindaba.
“Ngesizini edlule kusale kancane ukuthi siyinqobe, ngicabanga ukuthi singayinqoba kule sizini. Bese kunesikhathi sikhishwa kuma semifinal, siyasondela.
“Unzima umsebenzi osihlalele kodwa kuzofanele silwe.”
Champions League nights return this Friday with a massive test on home soil. π
— Mamelodi Sundowns FC (@Masandawana) January 21, 2026
β½ Mamelodi Sundowns vs Al Hilal
π CAF Champions League
π 23 January
β° 20H00
π Loftus Versfeld Stadium
πΊ SS 209 & SABC 2
π» Stream Live on https://t.co/kJIL96uSIH
ποΈ Secure your tickets onβ¦ pic.twitter.com/yUaWvA9ZVA