Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso uthi kuyiqinisile i-Orlando Pirates ukusayinisa abadlali abasha uma ubuka ukuthi abadlali ababewumgogodla ebishaya abantu ngabo ngesizini edlule abasabonwa nangokhalo abanye babo.
UCardoso ubeke kanje ngemuva kokubambana ngo 1-1 nePirates ngempelasonto edlule.
IPirates ngaohambi kokuqala kwale sizini isayinise abadlali okubalwa kubo uYanela Mbuthuma, Masindi Nemtajela, Tshepang Moremi, Nkosikhona Ndaba, Sinoxolo Kwayiba, Sihle nduli, Oswin Appollies, Kamogelo Sebelebele, Lebone Seema, Sipho Mbule noDine Mario. Iningi lalaba badlali sebengene khaxa esikimini sika-Abdeslam Ouaddou, lakhipha abadlali abebeqala imidlalo ngesizini edlule.
“Manje sebeyakwazi ukushintsha abadlali kodwa bagcine ingcindezi ngabadlali abasuka ebhentshini…” kusho uCardoso ngemuva komdlalo.
“Ngisahlale unyaka owodwa, kodwa ngiyakubona ukuthi baliqinisile iqembu. Ngithe uma ngikhuluma nomhlaziyi wami kanye nephini ngathi abenze uhlu lwabadlali babo, ngibazi kahle, kodwa sithe uma siqhathanisa sakunaka ukuthi abadlali abebemqoka ngesizini edlule, kule sizini abalitholi ijezi…
Post-match thoughts from Masandawana legends Hlompho Kekana, Katlego Mphela and Tiyani Mabunda. 🎙️
— Mamelodi Sundowns FC (@Masandawana) November 2, 2025
A game of consequences, nerves, and relentless fight from both teams. 💪
📲 Watch the full episode now on YouTube: https://t.co/jIXZAusTWu#Sundowns #BetwayPrem… pic.twitter.com/JtRNQ3hg3X
“Lokho kukwenza uqonde ukuthi iqembu labo seliqine kangakanani uma uqhathanisa nesizini edlule. UMabasa akasadlali, uMbatha akadlali, noVan Rooyen akasayiqali imidlalo.
“Ngisho noRele…umdlali obemuhle ngesisizini edlule, angisho ukuthi kubenza badlale kangcono noma kabi uma engekho, kodwa nginesiqiniseko sokuthi u-Ouaddou ubengathanda abesebhentshini benoSebelebele.”